source Un aids 2005 witchcraft

Similar documents
ezimbalwa ezibalulekile eziyimikhuba yokuphatha okufanele uzikhumbula mayelana nokukhiqizwa kommbila.

~~~g~ fx!ln~ ~ Xt3} 158

Ukutshala ngendlela kankulunkulu

Sifunda kakhulu ngokulima ngokucophe lela

Siyini Isifo I-Alzheimer s?

koranta eabasebetsi april 1974

Provincial Gazette Provinsiale Koerant Igazethi Yesifundazwe GAZETTE EXTRAORDINARY BUITENGEWONE KOERANT IGAZETHI EYISIPESHELI

izinto ongazazi ngenhliziyo yesizwe leso. Kodwa-ke lokho iciko lizokwenza

BYLAW RELATING TO KEEPING OF ANIMALS UMTHETHO KAMASIPALA OMAYELANA NOKUFUYWA KWEZILWANE VERORDENING INSAKE DIE AANHOU VAN DIERE

WOKUTHOLA ULWAZI ESINALO

1 si esinye ieizwe eso.sizimele ngckwaso. ieiwabiza ajtihbuthe yase i tr ukuthele inkoai ngoba. iii:ueize ezingozini, r.ase zandleni zika.

2.6 of the Schedule, or a person who performs the activities of a reseller as

Provincial Gazette Provinsiale Koerant Igazethi Yesifundazwe GAZETTE EXTRAORDINARY BUITENGEWONE KOERANT IGAZETHI EYISIPESHELI

Provincial Gazette Provinsiale Koerant Igazethi Yesifundazwe GAZETTE EXTRAORDINARY BUITENGEWONE KOERANT IGAZETHI EYISIPESHELI

Provincial Gazette Provinsiale Koerant Igazethi Yesifundazwe GAZETTE EXTRAORDINARY BUITENGEWONE KOERANT IGAZETHI EYISIPESHELI


Selling price Verkoopprys: R2,50 Other countries Buitelands: R3,25 PRETORIA, 28 SEPTEMBER 1998 GENERAL NOTICE NOTICE 2496 OF 1998

Provincial Gazette Provinsiale Koerant Igazethi Yesifundazwe GAZETTE EXTRAORDINARY BUITENGEWONE KOERANT IGAZETHI EYISIPESHELI

Provincial Gazette Provinsiale Koerant Igazethi Yesifundazwe GAZETTE EXTRAORDINARY BUITENGEWONE KOERANT IGAZETHI EYISIPESHELI

Expression 889. Manual. Stitches. Sewing Machine. + On/off switch + 4 step button hole + Stitch width control. Bukanayaditaelo Ibhukwa Lemiyalelo

Selling price Verkoopprys: R2,50 Other countries Buitelands: R3,25 PRETORIA, 1 0 SEPTEMBER 1998 NOTICE 2275 OF 1998 GAUTENG PROVINCIAL LEGISLATURE

EXAMINATIONS COUNCIL OF SWAZILAND Swaziland General Certificate of Secondary Education

Provincial Gazette Igazethi Yephondo Provinsiale Koerant

Mr Jeremiah Madiba CHIEF EXECUTIVE OFFICER

AIDS. HELPLINE I oaoo I. We all have the power to prevent AIDS. Prevention is the cure

Provincial Gazette Provinsiale Koerant Igazethi Yesifundazwe GAZETTE EXTRAORDINARY BUITENGEWONE KOERANT IGAZETHI EYISIPESHELI

... I I E-AMERIKA U-WELO LUKA D. D. T. JABA VU. (Um-Ngqika) 1 - I I \ 1 l) \Ll PJU '"'

WHAT IS AN APPROPRIATE CADASTRAL SYSTEM IN AFRICA?

Mark Napier, Remy Sietchiping, Caroline Kihato, Rob McGaffin ANNUAL WORLD BANK CONFERENCE ON LAND AND POVERTY

NELGA GOOD PRACTICES. Training Workshop on Effective Land Administration in Africa

Report DATE

1-45)C. J-/. v. Mh I "'tj ol. 590 CM) n3/27. 3 munu emcalile wahumbula sihali sahe emuva. Waconja ekhwakhe. 17 Xungqekleta.

Tenants are predominantly female who use their skills like sewing to eke out a living

We Effect work with Housing Cooperatives in Africa:

... E-AMERIKA U-WELO LUKA D. D. T. JABA VU. (Um-Ngqika) 1.. t 0\'Ell \Lf PRES

Stellenbosch University Museum, in close cooperation with the Nelson Mandela Museum, is currently hosting two exhibitions.

Available through a partnership with

Land for Equity as an Innovative Approach to Large-scale Land Investments: Benefits and Risks

ZAMBIA Tenant Handbook Broll 2014

UN ECONOMIC COMMISSION FOR EUROPE REAL ESTATE MARKET ADVISORY GROUP (REM) POLICY FRAMEWORK FOR SUSTAINABLE REAL ESTATE MARKETS

Available through a partnership with

RRA 2 NATIONAL COUNCIL FOR CONSTRUCTION Website:

Margot and Diane Dippold Collection MS21

Records, Finding aid prepared by Smithsonian Institution Archives

EXPERIENCES FROM THE KENYAN PROCESS

CONCEPT NOTE EFFECTIVE LAND ADMINISTRATION IN AFRICA TRAINING WORKSHOP

Finding Aid for the Ernest Mitchell Pratt Photographs of Mark Daniels' Architecture, ca

2214 WEST PARK ROW DRIVE PANTEGO, TX 76013

MEMORANDUM OF UNDERSTANDING between THE UNITED NATIONS HUMAN SETTLEMENTS PROGRAMME (UN-HABITAT) and THE INTERNATIONAL FEDERATION OF SURVEYORS (FIG)

SAGTEVRUGTEBEDRYF VEREER UITBLINKERS

GLTN Tools and Approaches in Support of Land Policy Implementation in Africa

Arts of Africa, the Americas, Asia, and the Pacific Islands Department Records

'Property Ladder' Helps Poor Gain Land Rights

DRAFT PROGRAM (as of 10 October)

PRESENTATION OUTLINE

WESTERN CAPE CAPE TOWN OFFICES :

Fee Interest Zero Cash Flow Walgreen s with Self Liquidating Debt. Price: $6,784,833 l Equity Over Debt: 16.00% I Required Equity $935,840

History Of Kenya By Ochieng W R

1. BIOGRAPHICAL SKETCH

COMPANY PROFILE: 2016

Papua New Guinea - FlexiCadastre Implementation

REPUBLIC OF SOUTH AFRICA

The Millennium Development Goals beyond 2015 Eveline Herfkens

IDEAL 2ND FLOOR SOUTH EVERETT OFFICE SPACE

NOVEMBER 2017 PHASE II: PRIVATE LAND OWNERSHIP BY RACE, GENDER AND NATIONALITY

FIG Newsletter April/May 2016

For Lease. Retail, Office, Warehouse CONVENIENTLY LOCATED NEAR I-25 NORTH. Lease Rate $ $8.55/SF Modified Gross. Available

SEATTLE CENTRAL COLLEGE CATALOG

Register of the C. Frank Glass papers

Collection of Boston Post Cane Materials Wellesley Historical Society

Land Registration in a Digital Environment

DDP has valuers that are experienced at using the Argus Enterprise Software and the Cougar Valuation Software.

Domestic Student Accommodation Application Form Britannia Park - WelTec International

EDGEWATER DEVELOPMENT SITE

Expropriation. Openning Remarks, Mr Zama Xalisa. ARC.

DRAFT PROGRAM (as of 20 September)

7 Acre Clermont FL Retail/Commercial Parcel

Gafisa S.A. (Translation of Registrant's name into English)

STORITE OFFERING MEMORANDUM SPANISH SPRINGS (SPARKS), NV. Presented by:

Address 1322 Ditman Ave., Los Angeles, CA Contact Maya Cueva Prefer . X X Select One

THE CONTINUUM OF LAND RIGHTS

Residential Tenancy Application Form

206 high house. Cary, NC office building for lease

FOR SALE ± 2,425 SF RETAIL BUILDING

Review of Irish Studies in Europe

These new sculptures by Tadao Ando will be on display just outside the fair at Surf Club pop-up. By Janelle Zara

G U I D E F O R L A N D L O R D S

CITY OF TYLER PLANNING AND ZONING COMMISSION STAFF COMMENTS

Internet-based Project management with EPLASS Plan management Workflow coordination


AN OVERVIEW OF LAND TOOLS IN SUB- SAHARAN AFRICA: PAST, PRESENT AND FUTURE

Kobalt Law LLP Tunisia. Buying Guide September 2015

ABRIDGED CURRICULUM VITAE. Name : Vincent Gerlac SIMIYU

ST LEONARD'S HOTEL, STONEHAVEN PHOTOGRAPHIC SURVEY

FREEDOM CENTER 3203 FREEDOM BOULEVARD BRYAN, TX RETAIL PROPERTY FOR SALE 10,150 SF

Luxury Portfolio A Powerful Network

Land Administration Developments in Rwanda

Visa # Expiry Perm. Res. Card # Expiry PIO Card # Expiry. Permanent Address in India. PIN / Zip Code: Country Code: Area Code: Ph.

1641 LASALLE AVENUE OWNER USER INVESTOR OPPORTUNITY. offering memorandum

Farmland Values and Farm Prosperity: Results from Your Community

Transcription:

8 9 0

source Un aids 00 witchcraft

Kabanzi Lomdlalo wenzelwe ukusiza izingane ukuthi zifunde ukukhuluma ngokusobala ngegciwane lesandulela ngculazi, ngengculazi nangezocansi. Futhi wenzelwe ukunikeza izingane ulwazi ngobungozi obuphathelene nezocansi, ikakhulukazi ukungenwa yigciwane lesandulela ngculazi. Kulomdlalo ubungozi obuphathelene nocansi olungavikelekile kuxoxwa ngabo ngomoya wobungane futhi izinto zibizwa ngamagama azo, azifihlwa. Izingane zinikezwa ulwazi ngokuthi lingena kanjani igciwane lesandulela ngculazi nengculazi Indlela yokudlalisa lomdlalo ukuthi uziyeke izingane zizidlalele lomdlalo ngokwemiyalelo yawo ngaphambi kokuthi uxoxe indaba ngalomdlalo (abadlali bangaba phakathi kwababili nabayisishiyagalombili) Khetha oyedwa ozoqoqa emva kokuthi umdlalo sewuphelile, aqiniseke ukuthi yonke into ibuyele ebhokisini futhi ipakishwe ngendlela. Shova amakhadi bese uwabeka phansi ngendlela yokuthi icala langaphezulu lingaphansi, uwenze abe imigqa elinganayo. Khetha ozoqala kuqala, athathe amakhadi amabili awaphendule Ngabe izithombe ezivelayo ziyefana? Ungawagcina lamakhadi bese uphinda wembule amanye amabili. Ngabe lezithombe ezivelile azifani? Waphindisele phansi lapho ekade ekhona lamakhadi. Manje sekuyithuba lomunye lokuba akhethe amakhadi abe mabili naye. Uma wonke amakhadi esefanisiwe ngamabili, kuba ukuphela komdlalo. Umdlali onamapheya amaningi ukubedlula bonke nguye owinayo. Umdlalo uphelile? Yilokho obukucabanga! Qaphelani bantu abadala, bothisha nani enifundisa ontanga: Emva kokuthi umdlalo udlaliwe, ungasiza abadlali ukuthola izindaba ezine ezisemdlalweni wamakhadi. Indaba yokuqala imayelana negciwane lesandulela ngculazi nengculazi emndenini:umugqa ophuzi Indaba yesibili imayelana nokuthandana phakathi kwabafana namantombazane kanye nobungozi bocansi: umugqa obomvu Eyesithathu imayelana nentombazane esengozini ngenxa yokudlwengulwa, nokukhulelwa isencane: umugqa oluhlaza okotshani Indaba yesine imayelana nezinganekwane, ubungozi nokuqwasha: umugqa oluhlaza okwesibhakabhaka. Bheka izithombe bese ukhuluma nezingane ngalezindaba ezikulomdlalo. Babuze ukuthi baboneni? Nanokuthi bazini? Izithombe ziyakuveza ukuthi ukuthi ungazivikela kanjani ekungenweni yigciwane lesandulela ngculazi. Izithombe zisiza izingane ukuthi zikwazi ukuxoxa ezazo izindaba, ngolwazi ezinalo ngabantu abaphethwe yingculazi, ngalokho okubesabisayo, nanangokuthi bangabhekana futhi baphilisane kanjani nabantu abanegciwane lesandulela ngculazi empilweni yazo yemihla ngemihla. Ukukhuluma nge sandulela ngculazi nengculazi kwesinye isikhathi kuyaye kuvuse izihloko ezilukhuni. Wonke umuntu unezinkolelo nemikhuba ethize ayifundile emndenini, emphakathini nasenkolweni mayelana nezocansi. Wonke umuntu uyaye ahlangabezane nemibuzo ethile mayelana nezocansi empilweni. Bavumele abantwana bakhulume ngabakucabangayo nabakwaziyo. Bazibuze ukuthi bangenza njengabantu abababone ezithombeni noma bona bangenza ngokwehlukile? Bakhuthaze ukuba izinto bazibeke njengoba zinjalo, bangabi namahloni bakhulume nangalezozinto abathola kulukhuni ukukhuluma ngazo. Ungasebenzisa nencazelo emfushane ekuleliphepha. Khumbula: imiyalelo yakho ibaluleke kakhulu kubantwana! Abafana namantombazane ngokufanayo bafanele ukugwema ucansi olungavikelekile ukuze bazivikele futhi bavikele abalingani babo. Abafana namantombazane ngokulinganayo kumele bafunde ukuthi CHA uma bengafuni ukuya ocansini. Litholakala kanjani igciwane lesandulela ngculazi nengculazi? Ungalithola leligciwane uma ungenwa yigazi noma uketshezi oluphuma esithweni sangasese somuntu wesilisa onalo leligciwane. Lokhu kuvama ukwenzeka uma abantu bezibandakanye ocansini olungavikelekile. Leligciwane lingabuye lidluliseleke kumntwana ongakazalwa noma umntwana osanda kuzalwa ngobisi lwebele uma umama womntwana enalo igciwane. Abantu abangamashumi ayisishiyagalolunye (90) kwabayikhulu (00) abanegciwane lesandulela ngculazi balithola ngokuuthi baye ocansini olungavikelekile.

Liyini igciwane lengculazi? Igciwane lesandulela ngculazi yigama legciwane elibangela ukuthi umuntu aguliswe yingculazi. Noma ubani angangenwa yileligciwane. Uma selikungenile leligciwane libulala amasosha omzimba wakho. Ukungenwa yileligciwane akusho ukuthi usuyagula futhi usunengculazi. Uma unegciwane lesandulelangculazi, kunemithi ekwazi ukukwenza uphile impilo efana neyabanye abantu. Ufanele ukuphuza imithi yakho ngesikhathi esifanayo nsuku zonke yonke impilo yakho. Alikakabi khona ikhambilokwelapha ingculazi. Ungakwazi na ukumbona umuntu onengculazi? Cha. Umuntu angabukeka ephilile kepha enali igciwane lesandulela ngculazi. Ungazi kuphela ukuthi umuntu unegciwane lesandulela ngculazi ngemiphumela yokuhlolelwa leligciwane esemthethweni. Kumele wenzeni uma unokuzisola ukuthi likungenile leligciwane, futhi unemibuzo? Iya emtholampilo, noma kudokotela noma kumuntu omethembayo. Bangakuthokozela ukukusiza uthole izaluleko nokuhlolelwa igciwane lesandulela ngculazi. Ungazivikela kanjani ekutholeni leligciwane na? Zama ukungazibandakanyi ocansini olungavikelekile. Iya ocansini ngendlela evikelekile sonke isikhathi! Kunamajazi (condoms) abantu besilisa, noma ungasebenzisa elabesifazane (female condom). Sebenzisa nephilisi lokuvimbela inzalo ukuqiniseka ukuthi awukhulelwa. Kungaba yinto elukhuni ukwenqaba ukuya ocansini olungavikelekile noma ukufuna ijazi (condom), kodwa khumbula ukuthi kumayelana nempilo yakho neyomlingani wakho. Ningakuhlehlisa ukuya ocansini, noma uthembeke kumlingani wakho ongenalo igciwane lesandulelangculazi. Ikusasa elinenjabulo lingumsebenzi wenu, zinakekeleni nina nabalingani benu! Zamani ukugwema izimo ezinobungozi ezinjengokusebenzisa utshwala nezidakamizwa, nokuba uzithole uyintombazane wedwa phakathi kwedlanzana labafana. Funa ukusekelwa: Fonela inombolo yamahhala yosizo noma ufune amaqembu asekela abanegciwane lesandulela ngculazi nengculazi. Angeke ungenwe yigciwane lesandulela ngculazi ngokuthi: Uxhawule, wange, uqabule noma uye endlini yangasese emva konegciwane, ube sehhovisi, noma esikoleni ngisho noma lakubhukudwa khona, ugqoke izingubo zomuntu onegciwane, udle naye, ugqoke izibuko zakhe, udle ngesipuni adla ngaso no ipleti, ulunywe umaskito noma isiphi esinye isinambuzane njll., noma emijovweni ehlanzwe kahle. Akekho ongangenwa yigciwane ngephunga noma umjuluko noma izinyembezi noma umchamo. ILOVE.checkSouthern Africa ixhaswe u ICCO, izipho zangasese no WEB. foundation WEB.foundation, 00 info@lovecheck.org www.lovecheck.org

Incazelo efingqiwe ngezithombe nezindatshana ezisemdlalweni wamakhadi 8 9 0 Ubaba usemtholampilo kanti usetshelwe ukuthi unegciwane lesandulela ngculazi Ubaba utshela unkosikazi wakhe ngesifo sakhe Umama naye uya emtholampilo ukuyohlolelwa igciwane lesandulela ngculazi Umama utshela umndeni ukuthi naye unalo igciwane lesandulela ngculazi. Bonke bakhathazekile. Ubaba usayinda incwadi yefa ukuze umkakhe nezingane basale nacho konke anakho uma eseshonile. Umndeni usebenza engadini. Kubalulelkile ukuthi izihlobo nabangani zimnakekele onegciwane lesandulela ngculazi. Bazame ukuhlala bendawonye. Umndeni udla kanye kanye. Nakuba umama enengculazi, akunabungozi ukuthinta indishi nespuni esithintwe nguye. Umngani kamama uyamnakekela umnika izithelo neziphuzo ezinempilo. Ukudla okunempilo kuqinisa umzimba Abangani bavakashela umama bathandaze naye. Kumele sibanakekele abantu abanengculazi ngaso sonke isikhathi. Kubalulekile ukuphumela obala ngegciwane lesandulela ngculazi nengculazi. Akufanele kube yimfihlo. Abantu abanegciwane lesandulela ngculazi bangasebenzisa amaphilisi okuthiba igciwane lesandulela ngculazi abizwa ngokuthi ama ARVs nsuku zonke, ngesikhathi esifanayo impilo yabo yonke. Uma uthola ukwelashwa okuyikho, unalo ikusasa. Igciwane lesandulela ngculazi liyathibeka kodwa alelapheki. Ukuthola ukwesekwa nemithi yendabuko kungamenza umuntu azizwe engcono. Kodwa kungcono ukuthatha iseluleko sikadokotela ngokuthi amahambi endabuko angasetshenziswa kanyekanye namaphilisi okuthiba igciwane lesandulela ngculazi (ARVs) Umama nabantwana bahlalelana eduze yize umama enengculazi. Angeke uthole igciwane lesandulela ngculazi mgokwanga umuntu onalo. Umama ududuzwa umndeni nabangani esibhedlela. Uzoshona. Umama useshonile. Alikabibikho ikhambi lokwelapha ingculazi. Kungaba usizo ukuhlangana nemibutho esekela abathintwe yilesisifo ukuze ukhulume ngokulahlekelwa kwakho abangani, amalunga omndeni nagobuhlungu bokulahlekelwa. Zama ukuya esikoleni, funda ngokusemandleni akho. Kungakusiza esikhathini esizayo. Uzokhethani? Usenalo ikusasa. Uma abafana namantombazane besebenzisa utshwala nezidakamizwa kungenzeka bangacabangi ngocansi oluphephile. Hlala uqwashile. Abafana bakhuluma ngamakhondomu. Ukusebenzisa ikhondomu kungumsebenzi wabo bobabili abazibandakanya ocansini. Kuyinto enhle ukusebenzisa ikhondomu. Intombazane nomfana bayathandana. Umfana ucela ukuya ocansini nentombazane, intombazane iyenqaba, bobabili banquma ukulinda. Bathandana kakhulu kodwa banquma ukuhlehlisa ukuya ocansini okwesikhashana. Omunye umfana uzama ukuyenga intombazane ukuthi iye ocansini naye kodwa intombazane ifuna ukuthembeka kumngani wayo. Ukuya ocansini ngendlela evikelekile nokuthembeka kumlingani wakho ongenalo igciwane lesandulela ngculazi izindlela zokuzivikela ekutholeni igciwane. Bafuna ukuya ocansini, kodwa ngenxa yokungafuni ukungcoliseka basebenzisa ikhondomu. Zinakekele wena, ninakekelane nobabili. Hlalani niphephile. Umfana omdadlana uzama ukuphoqa intombazane ukuthi iye ocansini naye. Intombazane iyenqaba. Gwema izimo lapho ukuxhashazwa ngokocansi kungase kwenzeke khona. Ungaziboni unephutha ngalokho. Umama wakhe uyamsiza, futhi uyamcasukela umfana. Ududuza indodakazi yakhe. Umama nendodakazi yakhe baya emaphoyiseni ukyovula icala. Umama nendodakazi bakhuluma ngokwenzekile. Uthisha ufuna ukunikeza amamaki aphezulu uma intombazane ivuma ukuya naye ocansini, kodwa intombaza ikhombise ukuzethemba yenqabe. Indoda ingaphatha umuntu wesifazane kahle, imthemgele ukudla neziphuzo, kodwa lokho akuyinikezi igunya emzimbeni wakho! Ngenxa yocansi olungaphephile, amantombazane asemancane ayakhulelwa bese eyeka isikole. Kubalulekile ukuxoxa nabangani noma abanye abantu ngokukwehlele. Ungafonela ne Childline. Bangakuthokozela ukukulalela futhi bakusize ngale kokuthi udalule igama lakho Igciwane lesandulela ngculazi likhona umhlaba wonke, ngakhoke ufane ukuzivikela kuyoyonke indawo (kuthathwe kwi UNAIDS 00). Aumuntu akalitholi igciwane lesandulelangculazi ngokuqabula onalo. Umuntu akalitholi igciwane ngokuthi aphuzelel enkomishini ekade iphuzela onalo, noma athinte indishi isipuni somuntu onalo. Umuntu akalitholi igciwane lesandulela ngculazi ngokuxhawula nangokwanga onalo. Umuntu angeke alithole igciwane lesandulela ngculazi ezinambuzaneni. Umuntu angeke alithole igciwane ngokusebenzisa indlu yangasese eseteshenziswa umuntu onalo. Umuntu angeke athakathwe ngengculazi noma alashwe ngemithi yendabuko.

LOVE.check / southern Africa Team: Adriaan Backer, Erna Beumers, Christien Broecheler, Marleen Engbersen, Lincie Kusters, Gemma Pagano, Karin van Paassen, Caroline Schaap, Daniëlle Schaffelaars Design: Daniëlle Schaffelaars Photography: Adriaan Backer English Translation: Robert Rouveroy csc, Rosalie Steinmann Translation African languages: SACBC AIDS Office Staff Printing: Fishwicks Printers Special thanks to the people in the photos. They are actors, members of the drama group Teleios Korban Organization in Ekangala (S.A.) Coordinator of this group; Martin Durujis: durijis@yahoo.com Organisation: WEB.foundation, 00 info@lovecheck.org www.lovecheck.org Concept & design pilotgame Zambia: Tina Lenz, WEB.foundation