ezimbalwa ezibalulekile eziyimikhuba yokuphatha okufanele uzikhumbula mayelana nokukhiqizwa kommbila.

Similar documents
Sifunda kakhulu ngokulima ngokucophe lela

~~~g~ fx!ln~ ~ Xt3} 158

Ukutshala ngendlela kankulunkulu

Provincial Gazette Provinsiale Koerant Igazethi Yesifundazwe GAZETTE EXTRAORDINARY BUITENGEWONE KOERANT IGAZETHI EYISIPESHELI

Siyini Isifo I-Alzheimer s?

source Un aids 2005 witchcraft

Provincial Gazette Provinsiale Koerant Igazethi Yesifundazwe GAZETTE EXTRAORDINARY BUITENGEWONE KOERANT IGAZETHI EYISIPESHELI

WOKUTHOLA ULWAZI ESINALO

BYLAW RELATING TO KEEPING OF ANIMALS UMTHETHO KAMASIPALA OMAYELANA NOKUFUYWA KWEZILWANE VERORDENING INSAKE DIE AANHOU VAN DIERE

Provincial Gazette Provinsiale Koerant Igazethi Yesifundazwe GAZETTE EXTRAORDINARY BUITENGEWONE KOERANT IGAZETHI EYISIPESHELI

1 si esinye ieizwe eso.sizimele ngckwaso. ieiwabiza ajtihbuthe yase i tr ukuthele inkoai ngoba. iii:ueize ezingozini, r.ase zandleni zika.

izinto ongazazi ngenhliziyo yesizwe leso. Kodwa-ke lokho iciko lizokwenza

koranta eabasebetsi april 1974

2.6 of the Schedule, or a person who performs the activities of a reseller as

Provincial Gazette Provinsiale Koerant Igazethi Yesifundazwe GAZETTE EXTRAORDINARY BUITENGEWONE KOERANT IGAZETHI EYISIPESHELI

Provincial Gazette Provinsiale Koerant Igazethi Yesifundazwe GAZETTE EXTRAORDINARY BUITENGEWONE KOERANT IGAZETHI EYISIPESHELI

Provincial Gazette Provinsiale Koerant Igazethi Yesifundazwe GAZETTE EXTRAORDINARY BUITENGEWONE KOERANT IGAZETHI EYISIPESHELI

Provincial Gazette Provinsiale Koerant Igazethi Yesifundazwe GAZETTE EXTRAORDINARY BUITENGEWONE KOERANT IGAZETHI EYISIPESHELI

Provincial Gazette Provinsiale Koerant

Mr Jeremiah Madiba CHIEF EXECUTIVE OFFICER

Selling price Verkoopprys: R2,50 Other countries Buitelands: R3,25 PRETORIA, 1 0 SEPTEMBER 1998 NOTICE 2275 OF 1998 GAUTENG PROVINCIAL LEGISLATURE


Selling price Verkoopprys: R2,50 Other countries Buitelands: R3,25 PRETORIA, 28 SEPTEMBER 1998 GENERAL NOTICE NOTICE 2496 OF 1998

Provincial Gazette Provinsiale Koerant Igazethi Yesifundazwe GAZETTE EXTRAORDINARY BUITENGEWONE KOERANT IGAZETHI EYISIPESHELI

1-45)C. J-/. v. Mh I "'tj ol. 590 CM) n3/27. 3 munu emcalile wahumbula sihali sahe emuva. Waconja ekhwakhe. 17 Xungqekleta.

SAGTEVRUGTEBEDRYF VEREER UITBLINKERS

Provincial Gazette Provinsiale Koerant Igazethi Yesifundazwe GAZETTE EXTRAORDINARY BUITENGEWONE KOERANT IGAZETHI EYISIPESHELI

Provincial Gazette Provinsiale Koerant Igazethi Yesifundazwe

BRIEFING TO THE PORTFOLIO COMMITTEE ON RURAL DEVELOPMENT AND LAND REFORM

Stellenbosch University Museum, in close cooperation with the Nelson Mandela Museum, is currently hosting two exhibitions.

Provincial Gazette Igazethi Yephondo Provinsiale Koerant

AIDS. HELPLINE I oaoo I. We all have the power to prevent AIDS. Prevention is the cure

Welcome to TUHF. Where others see decline, we see investment opportunity.

Government Gazette Staatskoerant

Tidlo. Tilimo. Agrj.ou.lture, cultivated :plants and related matters, of the Ama.lala.. Umunu mangabe ewufati wemuti, ufwanele alwnukale kubona

Building Houses through Building People

COMMUNAL PROPERTY ASSOCIATIONS ANNUAL REPORT: PRESENTATION TO THE PORTFOLIO COMMITTEE ON RURAL DEVELOPMENT AND LAND REFORM 4 NOVEMBER 2015

,.::,:::'. Vol. 16 BISHO/ KING WILLIAM'S TOWN, 2 NOVEMBER 2009 No. 2223

2 The Provincial Gazette of KwaZulu-Natal 29 January 2009 No. CONTENTS Page No. NHOUD Bladsy PROVNCAL NOTCES 10 KwaZulu-Natal Gambling Board: Notice o

Expression 889. Manual. Stitches. Sewing Machine. + On/off switch + 4 step button hole + Stitch width control. Bukanayaditaelo Ibhukwa Lemiyalelo

EXAMINATIONS COUNCIL OF SWAZILAND Swaziland General Certificate of Secondary Education

The Transaction is subject to a number of conditions precedent, principal amongst which are:

My Saigon: The Local Guide To Ho Chi Minh City, Vietnam (Volume 1) By Elly Thuy Nguyen

CROSS TRANSFER DATABASE AS AT 11/01/2012

NOMA NKEWANA CATHERINE ROBINSON DOUG SKEAT IMKE HARTLEY LYNDON BRANDT LOUISE LANHAM

S A N A A OFFICIALS & PROVINCES

... E-AMERIKA U-WELO LUKA D. D. T. JABA VU. (Um-Ngqika) 1.. t 0\'Ell \Lf PRES

... I I E-AMERIKA U-WELO LUKA D. D. T. JABA VU. (Um-Ngqika) 1 - I I \ 1 l) \Ll PJU '"'

State land opportunities for urban development parnerships. SA Cities Network Seminar March 2007

Tenants are predominantly female who use their skills like sewing to eke out a living

Legislation and policies

ANNUAL REPORT 2014/2015. Public Sector Development Agency of Choice

Focus article: Metropolitan and rural housing market developments

SCHEDULE ORION GROUP. December Johannesburg North/ Randburg. Marietta Robbertse

1 The Standard Bank of South Africa Ltd in re X O Jantjies & others vs RK 3027/18 Sauer Construction South Cape CC & 65 others Liquidation

AGREEMENT OF SALE relating to a property in PHASE II

DIRECTORATE: LEGAL SERVICES

STATE LAND AUDIT REPORT

WHO OWNS THE A CRITIQUE OF THE STATE LAND AUDIT

1 E M Tolken vs F Tolken Sequestration 17838/17. 2 H S Mellet & 1 other Sequestration 15531/17

SOUTH AFRICA COUNTRY REPORT

Marion County Board of County Commissioners

Lightstone Property. Detailed information on property in South Africa

Communal ownership land (e.g. co-operatives), which may include residential, agricultural and commercial/industrial space.

RESULTS PRESENTATION for the year ended 28 February 2018

: Warrenton High School (Northern Cape, South Africa)

UNIT 3 OLYMPIC PARK TO LET/MAY SELL PPC PRIME PROPERTY CONSULTANCY BIRCHWOOD, WARRINGTON, WA2 0YL MODERN DETACHED OFFICE BUILDING 5,309 SQ.FT.

ACQUISITION OF THE MACSTEEL PROPERTY PORTFOLIO AND UPDATE ON 90 GRAYSTON DRIVE

LAND AUDIT: A TRANSACTIONS APPROACH

ANTHONY PLACE Anthony Lane S St. Anthony, MN INVESTMENT PROPERTY FOR SALE. DAN ALTSTATT

& Rezoning. Estate Agency Affairs Board Continuing Professional Development. What is. Subdivision, Consolidation

Government Gazette REPUBLIC OF SOUTH AFRICA

STAFF S REQUEST ANALYSIS AND RECOMMENDATION 10SN0271. Ellmer Properties

RESULTS PRESENTATION for the year ended 28 February 2017

INTERNATIONAL CONFERENCE 2-4 APRIL 2007 THEME: NATIONAL AND INTERNATIONAL PERSPECTIVES ON LEARNER CONDUCT

skills development and employment creation for youth, women and people with disabilities

NEW STANDARDS IN ADVERTISING. What California REALTORS Need to Know

Why? You ask, would you want to attend this FGASA meeting.

L A S COLINA S PL A Z A

The nature of existing and emerging cooperatives in the wholesale and retail sector A SUMMARY

Neighborhood Data Table User Guide

RODE & ASSOCIATES (PTY) LTD

STATE OF THE HOUSING INDUSTRY in. SOUTH AFRICA by

Government Gazette Staatskoerant

SPEND 40K OVER 10 YEARS ON A PROPERTY INVESTMENT WORTH 850K. Summer Rain Private Estate Investment Opportunity

DEFINING OFFICES IN WYNWOOD

Lightstone Property. Giving you detailed information on any property in South Africa

Rank Name Club Co untry S co re Unmarked Marked Wyndell Wilhelm - US A David W. Wearne - US A

Periurban Tenure Management in South Africa

CHISHOLM TRAIL RANCH SUMMER 2018 POWER CENTER OPENING EDGE Berkshire Lane, Suite 700 Dallas, Texas T edge-re.

THE PINNACLE OF CLASS

COMPANY PROFILE 2017

± Ha GAME RESERVE & LODGE AMYRA GAME LODGE, LOUWSBURG ROAD, VRYHEID, KWAZULU NATAL

DOWNLOAD OR READ : LOUIS BOTHA 39 S WAR THE SOUTH WEST AFRICA CAMPAIGN PDF EBOOK EPUB MOBI

SITE. Little competition. Profitable Uhaul business. No supply contract obligation. Large lot with potential to add additional profit centers

Big Rocks Farm. Location: 2100 S. Center Street Lyman, UT. Matt Harmon. intermountainranches.com $1,150,000

Your trusted ChoiCe.

WESTERN CAPE CAPE TOWN OFFICES :

Additional Information about the families of Adeline Cotton Crump and James Crump. Type of Info Data Source of Data

A Word Processor based Deed Design to facilitate Land Title Adjustment

Transcription:

PULA IMVULA >> GROWING FOOD >> GROWING PEOPLE >> GROWING PROSPERITY >> Uagasti 2018 UMMBILA ukukhumbule lokhu ngo-agasti nosepthemba Incwadi yegrain SA yabalimi abasakhulayo Funda ngaphakathi: Kule athekhili ngithanda ukubala izinto ezimbalwa ezibalulekile eziyimikhuba yokuphatha okufanele uzikhumbula mayelana nokukhiqizwa kommbila. Njengomkhiqizi wommbila kufanele ube nenhloso yokuphumelela isivuno esiphezulu kakhulu esingatholakala esinekhwalithi enhle yokusanhlamvu. Lokhu akuyona into elula njalo njengoba ziningi izinselelo okufanele ubhekane nazo unyaka wonke. Kodwa ke ikhona imikhuba yokuphatha ongayibeka indaweni engenza le nhloso iphumelele. Yini okufanele uyenze ngo-agasti Iningi labalimi lisematasa nokuvuna isilimo sabo ngalesi sikhathi. Isikhathi sokuvuna kufanele kube umuzwa womvuzo njengoba manje uvuna izi thelo zamandla akho. Uma, kodwa ungawufakanga umfu tho ngesikhathi sesizini yokulima ngeshwa lokhu ngeke kube njalo. Engengxenyeni enkulu, akukho okuningi okungenziwa ngale sikhathi okungenza ngcono isilimo noma kwandise isivuno sakho. Kepha ziningi izinto wena njengomlimi ongakwazi ukuzilawula kule sikhathi ezingenza ngcono ikhwalithi yokusanhlamvu okungena ezinqoleni nasemasakeni kanti futhi kungaze kufinyelele kukhwantithi. Okukuqala kunakho konke, kufanele uqinisekise ukuthi ummbila wakho uqukethe umswakama ofanele ngaphambi kokuba kuqale ukuvuna. Thatha amasampula ambalwa ngaphambi kukuba uqale futhi uhlole umswakama oqukethwe. Ngokuvamile okusanhlamvu kuzovumeleka ukuba kugcina uma kunomswakama oyi-14% noma ngaphansi. Lokhu kungahlukana indawo ngendawo kuya ngemakethe nokusetshenziswa emadepho. Izinto zokugcina okusanhlamvu kunamabhanka lapho komiswa khona ummbila ukuze wome ungomiswa khona ngezindleko ezingeziwe. Ngokuvamile imali idonswa kuleyo oyitholayo. 04 05 Ngabe Ngisebenzisa imali yokuqhuba umsebenzi ebolekiwe noma cha? Hlangana nesibakhethele owomlimi wonyaka ka-2018 (Ingxenye 2)

Ukukhiqiza UMMBILA ukukhumbule lokhu ngo-agasti nosepthemba Ugogo Jane uthi Ukulima yisikhumbuzo esimiyo sesiyingi nokushova kwempilo usanda kuqeda ukuvuna futhi manje usuhlelela isizini entsha. Unyaka ngamunye siyaqala futhi ngethemba lokuthi sizothola isivuno esihle njengabalimi ngeke sililahle ithemba ngoba ukho lo lwethu ukuthi isizini elandelayo ozokwenza sikwazi ukondla umhlaba. Miningi iminyaka manje, silokhu sizama ukusiza abalimi abakhulu ukuthola isikweleti sokukhiqiza. Kuhlezi kungenkulu inse lelo ngenxa yokuthi inzuzo eyenziwa emkhiqizweni wokusanhlamvu ngaphansi kwezimo zomhlaba owomile ngempela ayikho phezulu kakhulu. Enye inselelo ukuthi abalimi abanawo amatayitela omhlaba ngakho ke abakwazi ukusebenzisa umhlaba wabo njengesivikelo semalimboleko. Nakuba lokhu kuyinkinga ohlangothini lokuthola imalimboleko, kufanele sikhumbule njalo ukuthi uma usebenzisa ipulazi lakho njengesibambiso semalimboleko futhi uma wehluleka ukubhadala imalimboleko, ibhange lizolithatha ipulazi lakho lilidayise ukuze libhadale imali yalo olikweleta yona. Lokhu kusiphindisela emuva kusisekelo sanoma yikuphi ukulima futhi lokho yisisusa sokwenza inzuzo. Sizokwazi ukuqhubeka nokulima kuphela uma senza inzuzo njalo ngonyaka kufanele usithole imbuyiselo eningi ngesilimo kunezindleko zokukhiqiza isilimo. Ezikhathini zakamuva, bekukhona ingcindezi enzuzweni yokusanhlamvu nasemikhiqizo yamasiriyali futhi kufanele ucabange ngokuqaphela ngokuthi yiziphi izilimo esingaba namandla okuzilima ezindaweni ezahlukeni. Kubalulekile ukuba ubale isamba sezindleko zokukhiqiza isilimo ngokwehektha ngalinye ngaleso sikhathi i-avareji yesivuno okwaziyo ukuyithola kuleso silimo kuleyo ndawo bese uphindaphinda lokho ngentengo yangaleso sikhathi. Uma izindleko ziphezulu kunemali engenayo olindele ukuyenza lapho mhlawumbe ungacabanga ezinye izilimo. Akuwenzi umqondo ekukhiqiza isilimo ungayitholi inzuzo. Kwezinye izindawo ezinemvula encane, nenhlabathi engadephile, mhlawumbe asikho isilimo ongasikhiqiza esi ngangenisa inzuzo futhi okungenani ungandisa imfuyo futhi utshale izilimo zefolishi. Lokhu kudinga ukucwaningwa kwepulazi lakho nendawo olima kuyo. Izikhathini eziningi, amabhange ayenqaba ukubolekisa ngemali yokukhiqiza ngoba esuka ebona ukuthi awuzukwazi ukwenza inzuzo. Akufanele siwathukuthelele nokuthi siwasole ngokuthi awafuni ukukusiza empeleni bayakusiza ekutheni uphinde ucabangisise ngezilimo okufanele uzitshale. Nabo bafuna ukukubona uphumelela. Kudingeka sibe nesiqiniseko esiphelele sokuthi singayenza inzuzo ngaphandle kwalokho ngeke sikwazi ukuqhubeka nokulima isikhathi eside. Kumnandi ukuthola izibonelelo kuhulumeni, kodwa siyazi ukuthi lezi zibonelelo ngeke ziqhubeke unomphela njengoba kalula nje ayikho imali eyanele yokuhlangabezana nazo zonke izidingo zabantu bonke. Kudingeka sikwazi ukwenza inzuzo ngaphandle kosizo lwezibonelelo. Qhubeka nokusebenza kanzima nawe uzoyibona imiphumela ngokuhamba kwesikhathi! Qinisekisa ukuthi ikhombayini yokuvuna isebenza kahle futhi ayikumoshi okusanhlamvu. Ungakwenza lokhu ngokuhlola ama-seive nokwenza isiqiniseko sokuthi yonke into imi ngokufanele. Qinisekisa ukuthi okusanhlamvu akufehlezeki ngokusetha ama-beaters ngendlela. Ukufehlezeka kwama-kernels amaningi, kusho ukwehla kwamazinga okusanhlamvu. Uma emaningi ama-kernel afehlezekile kumasampuli okusanhlamvu lokhu kusho ukuthi umshini usethelwe ukuhlasela ngamandla futhi udinga ukwehliswa. Gwema izindawo ezihlaselwe imbewu yokhula futhi okungenani lezo zingxenye zivune ngesandla noma uzigcinele ukondla imfuyo. Iningi lalezinhlamvu Isikhathi sokuvuna kufanele kube umuzwa womvuzo njengoba manje uvuna izithelo zamandla akho. zinga ngena kumasampuli okusanhlamvu bese zinciphisa kakhulu ikhwalithi yokusanhlamvu kwakho. Imakethe odayisa kuyo ingaze inqabe ukwamukela ummbila onjalo noma bangakucela ukuba uwuhlunge futhi lokhu kuzokuqedela isikhathi kukudlele nemali. Qinisekisa ukuthi umshayeli wakho uqeqeshwe ngokufanele. Noma usebenzisa ikhombayini edonswa ugandaganda noma ikhombayini ezihambela Hlola impahla yakho yokusebenza ngokuphelele emva kwesikhathi sokuvuna. Ngaphambi kokuba yonke into ikhwezwe eyogcinwa endaweni ezigcinwa kuyo qinisekisa ukuthi uyabheka uphinde uqinisekise ukuthi ihlanzekile futhi igcinwa isesimeni esihle sokusebenza. 2

Ukukhiqiza Made possible by Qaphela izindawo okuvunwa kuzo ezinokhula oluningi oluyimbewu futhi okungenani lezo zingxenye zivune ngesandla noma uzigcinele ukondla imfuyo. Imbewu eningi ingangena kumasampuli okusa nhlamvu iphinde inciphise ngokubonakalayo ikhwalithi yokusanhlamvu kwakho. yodwa kubalulekile ukuba wena noma umshayeli wakho awejwayele lo mshini osetshenziswayo. Umshayeli ongaqeqeshiwe angadala ukuba kulahleke amathani amaningi ngenxa yokugxoba kanye nokungasethwa ngokufanele kwe-header. Okokugcina qinisekisa zonke izindawo ogcina kuzo okusanhlamvu kwakho kanye nempahla yokusebenza i-grain carting isesimeni esihle. Uma kunamagebe ku-panelling noma izimbobo ezithombile ensimbini izolahlekelwa kakhulu. Ngisho noma kunokuvuza okuncane qinisekisa ukuthi uyazivala futhi zivaleke ngendlela efanele. Yonke into encane iyangezeka. Yini okufanele ukwenze ngosepthemba Njengamanje kufanele ukuba ukuvuna kwakho konke sekuphothuliwe. Sizobe sesilindele izimvula zokuqala zasentwasahlobo futhi sizophinda sizilungiselele isizini elandelayo. USepthemba kufanele kube yisikhathi sokuhlela nesokulungiselela kanye nesikhathi sokubheka kusizini yokuvuna nokusebenza ngezindlela zokwenza ngcono elandelayo. Hlola impahla yakho yokusebenza ngokuphelele emva kwesikhathi kokuvuna. Ngaphambi kokuba yonke into ithathwe iyogcinwa qinisekisa ukuthi uyabheka futhi uqinisekise ukuthi zihlanziwe futhi zigcinwe zisesimweni esihle sokusebenza. Cubungula isimo sezimali zebhizinisi lakho emva kokuvuna. Bhala phansi ibhajethi yesizini ezayo futhi wenze nezinhlelo ezidingekayo zezimali ukuze ube ne- aksesi kwimali yokutshala futhi nakulo nyaka. Yenza isinqumo ngezilimo uzozitshala kumaphi amasimu uphinde idwebe imephu njengereferensi yakho. Qala ukuhlelela isizini yakho ezayo ngokubhala uhla lwezinto ezibalulekile okufanele zenziwe: Oda ama-inputs; Hlola i-spray rig; Bhekisisa i-planter futhi u-ode zonke izipele ezidingekayo; Yenza amasampuli enhlabathi; Qala amalungiselelo enhlabathi; Hlola ogandaganda futhi ubasevise uma isidingo sikhona; Lungisa ikamelo lamakhemikhali; ne Qinisekisa ukuthi imbewu nomanyolo kugcinwa endaweni ephephile, ehlanzekile neyomile. Ukuba umlimi kuhambelana nokungena emkhubeni omuhle. Kudingeka ukhande isistimu yokuhlela esebenzela wena uqobo futhi uma usuyitholile isistimu esebenzayo, kufanele ugxile kuyo. Yonke into yehlela ekusebenzeni kahle. Uma ufaka umfutho wokuphumelelisa ukuhamba kahle kwebhizinisi nakanjani uzoyibona imiphumela uma sekuvunwa. I-Athikhili ibhalwe ngu-gavin Mathews, i-bachelor Environmental Management. Uma ufuna imininingwane egcwele, thumela i-imeyili ku-gavmat@gmail.com. 3

Made possible by Abaphathi Ngabe Ngisebenzisa IMALI YOKUQHUBA UMSEBENZI EBOLEKIWE noma cha? Uma uhlela ibhizinisi lokulima, izinsiza zokuqala ozidingayo yimali yokuqhuba umsebenzi leyo yimali. Imali idingelwa ukuthenga indawo, impahla yokusebenza, imishini, imfuyo nokunye. Ubungako bemali yokuqhuba umsebenzi ozoyidinga kuncike kusayizi wepulazi, uhlobo lokulima ozokwenza, indawo kanye nemanye amafektha amaningi. Emva kokuhlela ibhizinisi lakho usezodinga enye imali yokuqhuba ibhizinisi lakho zonke izinsuku. Okuqondiwe ukuthi udinga imali eningi noma imali yokuqhuba umsebenzi okuyilona temu elilungile ongalisebenzisa. Labo esebevele bephakathi kwezolimo bazovuma ukuthi, ukulima ngelinye lamabhizinisi abizayo ukuwaqhuba. Umbuzo ke ovukayo, ngizoyithola kuphi le mali edingekayo? Ngokwemigomo ebanzi imithombo emikhulu yemali mibili. Owokuqala usebenzisa eyakho imali, noma owesibili imali yokuqala ibhizinisi uyeboleka, kumuntu wesithathu (komunye umuntu kungaba ngomunye umuntu noma ibhizinisi). Imali yokuqhuba umsebenzi ekaloyo muntu omunye futhi ke yingakho ibizwa ngokuthi yimali yangaphandle. Lokhu kukubeka ngaphansi kwesibopho sokuyibhadala leyo mali oyibolekile. Imithombo yemali yakho yokuqhuba umsebenzi kungaba ukuthi ikhona imali yakho ongathanda ukuyitshala ebhizinisini lakho njengemali yokuqhuba umsebenzi wokuqala noma imali yokuqhuba umsebenzi wokukhiqiza. Ngokujwayelekile uma ibhizinisi lakho seliqalile ukusebenza futhi imali yokukhiqiza idingeka njalo ngonyaka. Indlela iyodwa vo yokukhipha eyakho imali ngezinhloso zokukhiqiza yingenkathi ibhizinisi lenza inzuzo. Khumbula isisekelo sombuzo ngiliqhubelani ibhizinisi lami? Ukwenza imali (inzuzo). Ngeshwa ke, ibhizinisi lokulima, akukhathalekile ukuthi usayizi walo ungakanani, lidanga imali eningi yokuqala bese kuba imali yokukhiqiza mhlawumbe nemali yokwandisa ibhizinisi lakho. Ngaleyo ndlela, abalimi, noma bebancane noma bebakhulu, ngasosonke isikhathi kudinga imali yokuqhuba umsebenzi evela ngaphandle. Njengoba sekushiwo, ukuboleka imali ngaphandle kusho ukuthi imali kufanele ibhadale nezinye izindleko ezengeziwe inzalo. Isikhungo oboleke kuso imali sidinga ukunxeshezelwa ngobungozi esibuthathile ukuboleka wena imali. Ngaleyo ndlela, ukubhadala kuqukethe imali yokuqhuba umsebenzi kanye nenzalo. Izindleko zokubhadala (inzalo) inciphisa inzuzo yakho futhi sekukonke ukukubhadala kuba nomthelela omubi esimeni sakho se-cash-flow. Ngaleyo ndlela, lo mbuzo othi ngabe kufanele yini ukuthi umuntu ayisebenzise imali ebokelekiwe yokuqala ibhizinisi noma cha kufanele ngempela. Isisekelo sempendulo ukuthi ungayisebenzisi emali yokwe bolekwa kwezinye ezikhungo, iyabiza futhi kukubeka engozini. Ku-athikhile yaphambilini saphetha ngokuthi isi kweleti esingcono ukheshe. Kodwa sonke siyazi, kusukela ulwazini lwethu oluphathekayo, ngezinye izikhathi kufanele uboleke imali ukuze ugcine ibhizinisi lakho lisebenza. Khumbula ukuthi ngokomthetho noma yini oyithenge ngemali yokwebolekwa ekaloyo oboleke kuye kuze kube imali yakhe iyabhadalwa. Uma wehluleka ukuyibhadala, leyonto noma isilimo sakho singathathwa (singadliwa). Ukuthatha isinquma sokweboleka imali kudinga ukulawula okuhle ohlangothini lwakho, okuqala ngokuhlela. Isibonakalo esidinga ukunakwa ukuthi ngabe ngempela unaso isidingo sokweboleka imali, ngabe uzokwazi ukuyibhadala imali kanye nezindleko ezibandakanyekayo. Indlela eyodwa yokuphendula lokhu ukuhlanganisa i-cash-flow statement. I-cash-flow statement kuzophinda kusize ekunqumeni uma kwenzeka uboleka imali noma ngabe zikhona ezinye izindlela zokunqoba isidingo semali yokuqhuba umsebenzi. Siyakwazi ukuhlela nokwenza i-cash-flow statement kunhlalo yendawo yezolimo kunzima ngenxa namafektha angaphezu kwamandla ethu. Okufana nesomiso, ukuhlasela komkhuhlane wezinyoni phecelezi i-bird flu kanti kamuva sekuyi- listerioses ehlasela abakhiqizi bezingulube. Kodwa noma ngenjani i-plan ingcono kunokungabi nayo i-plan. Ingxenye yokuhlelo kwakho ukufuna yonke imininingwane ezikhungweni ezivumayo ukukunikeza imalimboleko. Ngabe yini imibandela mayelana nokuvikela, isikhathi sokubhadala, ama reythi enzalo nokunye? Bazosidinga isivikelo, mhlawumbe esingaba umhlaba bazosibheka. Siva mise ukuzwa abalimi abasebancane bekhononda ngalokhu. Izikhungo ezebolekisa ngemali zizovuma ukukweboleka izimali uma ungakwazi ukuzinika ubufakazi bokuthi ibhizinisi lakho linayo inzuzo. Ngeshwa, abalimi abancane abawaphathi ngendlela efanele amabhizinisi abo futhi abanawo namarekhodi alungile. Uma uthole imalimboleko, ingxenye ye-implementation ukubhadala ngesikhathi. Uma ungakwazi ukubhadala, xoxa ngakho ngezikhathi zonke nomebolekisi wakho njengengxenye yomsebenzi wokulawula. Umlimi okhombisa ukuthi uyazibophezela ngokubhadala abakweletayo, lokho kwakha irekhodi lakho elihle lesikweleti. Lokhu kusho ukuthi uyiklayenti enobungozi obuncane futhi usebenzisa umqondo owephusile wokuthenga ngesikweleti ukuze aqhube ibhizinisi lakhe. Ngalokho, ukusebenzisa imalimboleko ngumthwalo obandakanya ubungozi, ngakho ke kudinga ukubhekwa ngokuqaphela. Kodwa njengomlimi kungenzeka ukuthi akukho okuningi ongakwenza ngaphandle kokusebenzisa imali mboleko kodwa kwenze ngokunakekela. I-Athikhili ibhalwe ngu-marius Greyling, umbhali wepula Imvula. Uma ufuna imininingwane egcwele, thumela i-imeyili ku-mariusg@mcgacc.co.za. 4

Umlimi wonyaka Made possible by Hlangana nesibakhethele owomlimi wonyaka ka-2018 (Ingxenye 2) Sekuyiso leso sikhathi esithokozisayo sonyaka futhi lapho abakhethelwe Umncintiswano we-grain SA Umlimi wonyaka beqokwa khona. Kufanele kukhunjulwe ukuthi inhloso yalo mncintiswano akukhona ukuwina, kumayelana nokubungaza ukufunda, ukukhula, ukuthuthuka nokusebe nza kanzima kwezinkulungwane zabalimi kwa-grain SA Farmer Development Programme. Futhi esibakhethile yilaba... Kuqondwe ukwenziwa njengento eyigugu elikhuthazayo nokusifakela ugqozi sonke ukuze siqhubeke nokusebenza siphokophelele ukubeni ngcono ukuze sifezekise izinhloso zethu, kungakhathalekile ukuthi zinkulu kangakanani. Inhloso yakho akufanele kube ukukhethwa noma ukuwina noma ngabe yini, kodwa kufanele kube ukukhula zonke izi nsuku, njalo ngenyanga, kodwa kube ukukhula zonke izinsuku ukuze usondele ekufinyeleleni kwizivuno, inzuzo, kanye nasekusebe nzeni kwanoma iyiphi inhloso ozibekele yona nomndeni wakho, ngokwekhono lokusebenza noma yiziphi izinhloso ozibekele zona nomnde ni wakho. Ekugcineni lokho, ukuwina! Uma bekade ukhethelwe kulo mncintiswano, wenza into elungile futhi uyisibonelo kwabanye ngalokho okufanele kutholakale. Ngokusho njalo, sithanda ukunethula kwabakhethelwe owomlimi wonyaka ka-2018! Abakhethelwe i-potential New Era U-Anton no-president Mabaso U-Anton no-president Mabaso bazalelwa epulazini, i-krytfontein esifundeni ibothaville. U-Anton ngomhla ka- 20 Febhuwri 1966 nopresident ngomhla ka-7 Julayi 1970. Abazili babo bobabili babengabasebenzi basepulazini futhi banezingane eziyi-11 abafana ababili namantombazane ayisishiyagalolunye. Bobabili abafo babelokhu bezithanda ezolimo. Kusukela ngo-2010, bakwazi ukuthola umhlaba kumasipala wasebothaville ababebonga kakhulu ngenkathi bebona ukuthi akulula ukuthola umhlaba ebothaville njengoba kucatshangwa ukuthi umhlaba umqoka ekulimeni izilimo, kodwa futhi ubiza kakhulu. Ngo-2017, le zelamani ezimbili zajoyina i-grain SA Farmer Development Programme. Bathemela imihlangano eminingi ye-study group, izinsuku zokwabelana ngolwazi nezifundo zokuqeqesha. I-Grain SA nayo yaqala ukubavakashela emihlabeni yabo. Bazizwa benamandla futhi bekulungele ukulima nangesikhathi seminyaka emine edlule, bathuthukile besuka ku-potential commercial candidates. 5

Made possible by Umlimi wonyaka Hlangana nesibakhethele owomlimi wonyaka ka-2018 (Ingxenye 2) U-Paulus wazalwa ngomhla ka-22 Septhemba 1968 epulazini e-vryheid esifundeni i-edenville. Wayeyingane yesithupha ezinganeni eziyishumi (abafana abayisithupha namantombazane amane). Ngo-2007, wajoyina i-grain SA Farmer Development Programme futhi ngo-2008, wanikwa ipulazi i-sterkwater ngokwe-drdlr i-plas Programme. U-Paulus Mosia I-Sterkwater iyisamba sika-200 ha, bese kuthi ama-60 ha kube ngumhlaba olinywayo no-140 ha oyidlelo. U-Paulus uyilungu elikhuthele le-edenville Study Group. Bobabili yena nonkosikazi wakhe, unomasonto sebehambele imihlangano yama-study group eminingi, izinsuku zolwazi nezifundo zokuqeqesha. UNomasonto waba neqhaza ekusunguleni i-study group entsha eheilbron, manje eseyingxenye ye-grain SA Programme. Bobabili bakusho ngokucacile ukuthi i-farmer Development Programme, yaziguqula izimpilo zabo. Abakhethelwe owe-new Era Commercial U-Rykie wazalewa esigodini sase-rietfontein emihlabeni eyi-trust endaweni eyayibizwa ngebophuthatswa. Ngenkathi esafunda isikole wayesiza uyise ukulima, ukutshala futhi abheke yonke into ebhizinisini labo lokulima. Ukusebenza noyise ngesikhathi samaholide esikole kwaba nomkhulu umthelela othandweni lokulima aba nalo. U-Rykie Raphoto Ngo-1991 u-rykie wanquma ukuzilimela yena mathupha nendodana yakhe, uwilliam, emsiza ngomsebenzi wokulima. Bajoyina igrain SA ngenkathi i-farmer Development isasungulwa. Emva kokuzabalaza isikhathi eside balithola ipulazi, elibizwa nge-lareystryd, eduze kwaselichtenburg esifundazweni inyakatho nentshonalanga balinikwa umnyango wokwabiwa kabusha komhlaba nokuyilapho besalima khona namanje. UJeremia wazalwa mhla ka-14 Septhemba 1979. Wakhulela endaweni yaseswepe eduze kwase Piet Retief epulazini ingwempisi lapho wayevamise ukusiza khona uyise ekutshaleni ummbila esiqeshini esincane somhlaba wabo. Uyise wayevamise ukutshala i-1 ha wommbila futhi enezinkomo eziyishumi nambili emhlabeni osetshenziswa ngokuhlanganyelwa. U-Jeremia Makhosini Mathebula Ukuqala kukajeremia emsebenzini wakhe wezolimo waqala ngo-2009 ngenkathi eqala ngezinkomo eziyishumi nambili futhi watshala u-40 ha womhlaba wokulima kuphela lapho wathola cishe u-4 wamathani ommbila/ha. Okwamanje uphethe izinkomo azizalanisayo ezingama-400 nezitshalo eziyisamba esingama-450 ha ommbila kanye ne-100 ha kabhontshisi isoya. Lo mlimi okhombise ukukhula njalo ngonyaka futhi urenta amapulazi amaningi ukuze akwazi ukutshala ummbila omningi. Ukhulile naye njengomlimi ozimele njengoba ezenzela yena yonke into futhi uyaqhubeka nokuzihlanganisela lapho nalapho. 6

Umlimi wonyaka Made possible by Ezolimo bezilokhu zisegazini ku-paul. Wazalwa mhla ka-21 Juni 1969 epulazini elisesifundeni i-heilbron lapho abazali bakhe bobalili babengabasebenzi basepulazini. Babeyizingane eziyisikhombisa abafana abane namantombazane amathathu. Uyise wayefuye izinkomo ezimbalwa epulazini ayesebenza kulo nezazeluswa upaul. U-Paul Malindi Uma ethola ithuba lokuqasha amasimu kwabanye abalimi abamnyama wakwenza ngokushesha lokho. Ngo-2012, i- DRDLR ngokwesistimu ye-plas, wanikwa ipulazi i-dankbaar. Leli pulazi liyisamba esingama-441 ha bese kuba u-320 ha umhlabathi omuhle wokulima ne-121 ha wedlelo. U-Paul, manje useneminyaka engama-48, urenta u-130 ha womhlaba wokulima kanye no-170 ha wedlelo. Kulo nyaka utshale ama-254 ha kabhekilanga no-216 ha ommbila. U-Daniel wazalelwa epulazini endaweni yase-ficksburg ezalwa abazali bakhe bobabili babengabasebenzi basepulazini. Babeyizingane ezine abafana ababili namantombazane amabili. Wayevamise ukusebenza epulezani kusukela esemncane kakhulu, elusa izinkomo, ese nga izinkomo epha nezinkukhu ukudla. Uyise wayeshayela ugandaganda futhi uma kuphuma isikole wayebaleka eye emasimini eyogibela ugandaganda noyise. U-Daniel Maqala Lo mlimi wathenga ipulazi lakhe elingama-197 ha, i-kosmos, ngemalimboleko ayithatha kwa-land Bank. I-DRDLR yameseka nge-die Hoop yohlelo lwe-plas 326 ha kusukela lapho warenta u-186 ha ngomhlaba enamandla kakhulu eseduze kwepulazi lakhe. Njengamanje u-daniel ulima u-709 ha. Yonke imihlaba elinywa kahle netshalwe ngokuyikho futhi usenze noshintsho wasuka ekubeni ngumlimi waba ngumkhiqizi wo kudla, usomabhizinisi nomninibhizinisi. Utshala izinhlobo ezintathu zezilimo, futhi unenhlanganisela yemfuyo njengengxenye yomsebenzi wakhe wokulima. UThamsanqa wazalelwa epulazini eduze kwase Ottosdal esifundazweni inyakatho nentshonalanga lapho uyise ayesebenza khona njengesisebenzi sa sepulazini. Akazange afunde, njengoba kwakulindeleke ukuba insizwa esencane isebenze njengomelusi wezimvu aphinde asize ngokwelusa umhlambi wezimvu. UThamsanqa Sampie Booizene Waqala ibhizinisi lokulima ngo-1969. Ngenkathi esebenza, wayezongela ngokulima isiqeshana esincane somhlaba, wase ethenga izimbuzi ezimbalwa, izinkomo ezimbalwa futhi wagcina esethenge nogandaganda. Kusukela lapho warenta umhlaba olinywa ngokuhlanganyela futhi nanjengoba ibhizinisi lakhe likhula kancane kancane ngokuhamba kweminyaka, usekwazile ukuthenga amanye futhi amapulazi amathathu. UThamsanqa ngomunye wabantu abadala e-zion Christian Church noyinsika yomphakathi. Waziwa kakhulu ngozakwaba abalimela ukudayisa. Uma kukhona abakudingayo kuye, uhlale efisa ukusiza futhi nabo basize uma uthamsanqa edinga okuthile. 7

PULA IMVULA Ithimba labahleli grain sa: bloemfontein 46 Louw Wepener Street 1st Floor Dan Pienaar Bloemfontein 9301 08600 47246 Fax: 051 430 7574 www.grainsa.co.za Hlangana nesibakhethele owomlimi wonyaka ka-2018 (Ingxenye 2) Umlimi wonyaka UMHLELI OMKHULU Jane McPherson 082 854 7171 jane@grainsa.co.za UMHLELI UKWABA Liana Stroebel 084 264 1422 liana@grainsa.co.za IMIDWEBO, ISAKHIWO KANYE NOKUSHICILELA Infoworks 018 468 2716 www.infoworks.biz IPULA IMVULA IYATHOLAKALA FUTHI NANGALEZI ZILIMI EZLANDELAYO: IsiZulu, IsiBhunu, isingisi, IsiTswana, IsiSuthu, IsiSuthu sasenyakatho, nesixhosa. Uhlelo lwegrain SA LokuThuthukisa amafama ABAQONDISI BENTUTHUKO Johan Kriel Free State (Ladybrand) 079 497 4294 johank@grainsa.co.za Office: 051 924 1099 Dimakatso Nyambose Jerry Mthombothi Mpumalanga (Nelspruit) 084 604 0549 jerry@grainsa.co.za Office: 013 755 4575 Emelda Mogane Jurie Mentz Mpumalanga/KwaZulu-Natal (Louwsburg) 082 354 5749 jurie@grainsa.co.za Office: 034 907 5040 Sydwell Nkosi Graeme Engelbrecht KwaZulu-Natal (Dundee) 082 650 93157 dundee@grainsa.co.za Office: 012 816 8069 Nkosinathi Mazibuko U-David Ramoledeli Mongoato U-David wazalwa ngomhlaka 11 Okthoba 1970 ematatiele. Bobabili abazali bakhe babengasebenzi, ngakho ke ukulima kwakunguwo kuphela umthombo wokuthola imali nokudla. Wayelima ngezinkabi futhi etshale ngesandla. Uthando lwakhe kwezolimo lwaqala esengumfana omncane osebenza nabazali bakhe. Le ntshisekelo yakhula ngesikhathi ethola ukufundisa ezolimo ngekharikhulamu esikoleni. Ungasho ukuthi wayedalelwe ukulima. Waqala umsebenzi wakhe wezolimo ngenkathi efundisa futhi warenta isiqeshana esincane somhlaba lapho aqala khona ngezilimo eziyisisekelo kanye nemfuyo embala. Njalo ngonyaka lokhu kwakhula yonke imali ayeyitholayo wayeyihlanganisa waze wa kwazi ukurenta i-donald Drift Farm. U-David isengcono, hhayi ngamasimu akhe kuphela, kodwa nangempahla yokusebenza nama-asethi asewasebenzisa njengamanje. Isivuno sakhe siba ngcono unyaka ngonyaka. Wakhula kancane esuka kubalimi abancane waya kuma-smallholder waze wafinyelela kubalimi asebethuthukile wajoyina i-250 Ton Club. Ukukhula bekwenzeka kancane ka ncane futhi ngokulandelene. Luke Collier Eastern Cape (Kokstad) 083 730 9408 goshenfarming@gmail.com Office: 039 727 5749 Luthando Diko Liana Stroebel Western Cape (Paarl) 084 264 1422 liana@grainsa.co.za Office: 012 816 8057 Hailey Ehrenreich Abakhethiwe abahleliwe ngendlela ethile. I-Athikhili ibhalwe ngu-liana Stroebel, i-grain SA Provincial Co-ordinator, entshonalanga nekapa. Uma ufuna imininingwane egcwele, thumela i-imeyili ku-liana@grainsa.co.za. Du Toit van der Westhuizen North West (Lichtenburg) 082 877 6749 dutoit@grainsa.co.za Office: 012 816 8038 Lebo Mogatlanyane Sinelizwi Fakade Mthatha 071 519 4192 sinelizwifakade@grainsa.co.za Office: 012 816 8077 Cwayita Mpotyi Articles written by independent writers are the views of the writer and not of Grain SA. Pula Imvula s Quote of the Month There are no secrets to success. It is the result of preparation, hard work, and learning from failure. This publication is made possible by the contribution of 8 ~ Colin Powell